How To Do An Exegesis (Zulu)- by Moriel Zulu Mission

Ukwenza Isichasiso Semibhalo Engcwele

Ukuchaza itemu isichasiso:

Ekufundeni kwethu iHemenutiksi, sithinte kafishane imigomo ekwenzeni isichasiso semihbalo engcwele. Ukuvimbela ukuphindeka, ngeke sisayithinta uqobo lwayo. Uzofunda unkuthi ungaqondanisa kanjani neminye imithombo khona uzothola imininingwane eqondile. Esizokwenza kulesisifundo ukuvela nendlela yokuchasisa imibhalo nokuhumusha imibhalo isuka ngqo emibhalweni. Uzothola ukuthi lendlela ibanzi futhi ithatha isikhathi, kodwa kuzoba umzamo omkhulu. Asiqale ngokuchaza incazelo yesichasiso semibhalo engcwele.

Isichasiso sisho ukuthi:

"Ukuchasisa imibhalo" Isichazamazini sikaCollins Ngokuka uTerry Miethe:

"Encazelweni yesiGireki ku 'ex' kipha, 'hegeisthai' ukuhola. Isichasiso yindlela yokuzama ukuqonda isahlukwana eBhayibelini. Umfundi wombhalo ufunda incazelo yamagama nolimi lwezinhlamvi zamagama ukubona ukuthi uMoya Oyincwele Uxhumana naye uthini, ukuthola incazelo ezinhlamvu zamagama kunofunda lokhu akufunayo ezinhlamvini zamagama. Kuzama ukwengula imfundiso eyiqiniso yezinhlamvu zebhayibheli ukukhulisa umoya empilweni yobukristu.”

Isichisiso sifaka imithetho ehlukene yokuhumusha emagameni owanikiwe yikhono uzokwembulelwa iqiniso eliqukethwe kulomlayezo. Sifuna ukuzama nokuthola ukuthi umbhali usho ukuthini uma ebhala inxenye ethile yoMbhalo, yiziphi izimo ezazikhona ngesikhathi ebhala nokunye. Njengoba sibonile kwiHemenuthiksi, lokho kuzoyithinta kakhulu indlela esiqonda futhi nesisebenzisa ngayo imibhalo ezimpilweni zethu.

Khumbula: Ukubheka okungesikho kuzoholela ekuhumusheni okungesikho lokho okuzonholela ekwenzeni ngokungesikho. Uma indlela yethu ingacubungulisisi, futhi ingaqondisekile, imiphumela ingehluka kakhulu kulokhu okuqondwe umbhali!

Sizolandela indlela evumisayo yokucwaninga umbhalo, futhi sizothinta ukuhumusha nokukusebenzisa futhi.

Iyodwa indlela yesichasiso esingeke sibe naso isikhathi sokuyethinta isichasiso samaJuda noma 'iMidrash'. Kufanele sikhumbule ukuthi iBhayibheli labhalwa ngamaJuda elibhalela amaJuda onkana ngakho?ke ukuhumusha imibhalo ngaphandle kombono wabo jekelele kungeke kube naqiniso emsukeni wencazelo yombhali.

Yini Indlela Evumayo Yokufunda?

Indlela evumayo yokufunda inemikhakha emethathu yokufunda:

  • Ukubheka

  • Ukuhumusha

  • Ukwen

Nakubo sizobe sibheka kakhulu ukuthi singawubheka kanjani umbhalo ngokuqondile, ngiyakholwa ukuthi kubalulekile kithina ukwazi ukuhumusha futhi senze umbhalo. Sigxile kakhulu ekuhumusheni nasekwenzeni ngesikhathi sifunda ngeHemenuthiksi, kodwa sizothatha ukuhumusha nokwenza ekukhanyeni kwendlela evumayo yokufunda.

Ukubheka

Ukubheka kufaka ukufunda ukubona ukuthi isahlukwana sithini. Ngamanye amazwe sizibuza umbuzo: "Sithini lesisahlukwana?"

Ukuhumusha

Ukuhumusha kufaka phakathi ukuthola ukuthi lithini ikhasi.

Ukwenza

Ukwenza kufaka phakathi ukukhombisa ngesenze ukuthi senze sahumusha ini. Ukwenza indlela ebalulekile neyimpoqo engxenyeni yezifundo zeBhayibheli. Uma sifunda ngaphandle kokwenza njengenhloso yethu yokugcina, sifunda iphutha! Uma sithola amaqiniso ahlukahlukane emibhalweni, kufanele siwasebenzise!

Ukubheka ? Ngabe Uthini Umbhalo?

Khumbulani ukuthi inhloso yethu enkulu ekubhekeni ukuthola ukuthi umbhalo uthini. Iyona ngxenye ebaluleke kakhulu yezifundo zebhayibheli, ukubheka ngokungesikho umphumela wakho ukwenza iphutha!

Siqala kuphi?

  1. Qala ngomkhuleko

    Ngaphandle kokuhola nokusebenza kuMoya oyiNgcwele, sizobe sesifunda indlela ngaphandle kokuncika kwakhe ozosiholela kulolonke iqiniso. Funda uJohane 16:13

  2. Buza imibuzo engu?5
    • Yilena:

    • Ubani

    • Kuphi

    • Kungani

    • Kanjan

      Isibonelo Funda 1 EkaPetru isahluko 5 Ubani lo Nguye okhulumayo? uPetru. Ukhuluma nobani? Ukhuluma nabadala. Ukhuluma ngani?

      Zenezeka nini lezizinto? Zenzeka kuphi zonke lezizinto? Kungani uPetru esho lokhu?

      Kufanele uzibuze lemibuzo ngesikhathi ufunda imibhalo. Zama ukukhetha igama ngalinye.

      Ngasosonke isikhathi uma usebenza ngebhayibheli, zama futhi ubone ukuthi ungaphendula imibuzo engu?5. Kusobala ngeke ukwazi ukuphendula lemibuzo ingxenye nengxenye yoMbhalo lokho iBhayibheli lenziwa umtapo wezincwadi ezahlukene.

  3. Gqamisa onke amagama aziqalo nezisho

    Isiqalo segama yisona esibalulekile embhalweni. Noma ngamanye amazwi igama eliyisiqalo yileli okuthi uma lisuswa lenza isahlukwana singaqondakali.

    Umbhali njalo uzophinda amagama ayiziqalo, ukwenza lokhu ukuze inhloso yakhe yokubhala icace.

    Amagama ayiziqalo angaphindaphindeka evesini eliliodwa, kwisahluko, noma encwadini yonke. Indlela esingathola ngayo amagama ayiziqalo isobala ukugqamisa wona ngendlela ekhethekile njengoba sifunda izincwadi ezahlukene zeBhayibheli. Uma sesiqedile ukuwagqamisa, sizokwazi ngokuphosa iso.

    Siwathola kanjani amagama aziqalo? Funda yonke incwadi noma isahluko izikhathi ezimbalwa. Yimaphi amagama owathola ephindwaphindwa njalonjalo? Njengoba uqhubeka nokubheka sonke kancane futhi, gqamisa amagama ayiziqalo

    Akesibheke futhi 1 ekaPetru isahluko?5. Ngokushesha bheka sonke isahluko ukubona ukuthi ungakwazi yini ukubheka amagama aziqalo.

    UJesu wahlupheka.

    Amanye amakholwa ayahlupheka. Nawe uzohlupheka.

    Ukuhlupheka kuphelelisa, kuqiniseka, kuqinise kwakhe lowo ohluphekayo. Kuyacaca kuzondingeka loluhlu lwamagama. Azobe egqamiswe ngendlela efanayo.

    Singagqamisa amagama aziqalo ngokusebenzisa isimpawu, imibala, noma kokubili. Ngokwenza lokhu, uzobe ungafundi umbhalo ngokucopelela, kodwa uzobe wembula inhloso yombhali yokubhala, into yokuqala nokungaphezulu, uzobe uzenzela lokhu wena luqobo! Yilokho okwenza lendlela yokuchasisa ijabulise!

    Bheka lezizimpawu ezilandelayo njengesibonelo:

    UNKULUNKULU, UTHANDO, UMTHETHO, UKUPHENDUKA, INKAZIMULO, UKRISTU, UKULUPHEKA, UMUSA.

    Khumbula ukuthi noma ngabe uiluphi uphawu nombala owukhethayo, kufanele uzame ukusebenzisa izimpawu nemibala efanayo kwezinye izincwadi zeBhayibheli.

    KHUMBULA: NGENKATHI UGQAMISA IGAMA ELIYISIQALO NGALINYE ZIBUZE IMIBUZO EMIHLANU.

    Isibonelo: Igama lethu eliyisiqalo bekungukuhlupheka. Uzobe usuzibuza Ngubani owayehlupheka? Kungani babehlupheka? Yini eyenza ukuhlupheka kwabo? Yini okwakumele bayenze ekuhluphekeni kwabo nokunye? Khumbula ukubuza imibuzo ongayicabanga ubone ukuthi ngeke yini uthole izimpendulo EMBHALWENI UQOBO.

  4. Bheka uhlu

    Isinyathelo esilandelayo ukubheka uhlu. Ngabe lokhu kusho ukuthini? Zama ukuthola futhi wenze lwakho konke okushiwo umbhali ngesihloko esithile. Akesithathe ukhlupheka njengesibonelo.

    Sizokuthatha njengegama eliyisiqalo kwisahluko?5. Manje bhala phansi konke lokhu uPetru astshela ngakho Ngokuhlupheka kulesisahluko. (Bheka uvesi 1,9,10)

    Uhlu ngokuhlupheka:

  5. Qaphela futhi ugqamise inkathi

    Singadweba iwashi elilula elingubuso emphethweni weBhayibheli lakho njalo uma sidibana nevesi elisebenzisa inkathi. Ngaleyondlela siyakwazi ukusebenzisa imigomo ephathelene nokufundisa uma ingasebenziseka kugcine imininingwane iqondile iyiyo. Isibonelo kuyoba ezinye zezethembiso uNkulunkulu azenza kuAbraham noma kumaIsrayeli ngaleyo ndaba.

    Iningi lalezizethembiso zazingenzelwe ngqo kulababantu, kodwa futhi zenzeka ngesikhathi ezazibekelwe sona. Thatha umyalelo woMdali kumaIsrayeli ukuba amashe azungeza iJerikho. Uma senza isichasiso esinzulu, sizofika esiphethweni sokuthi kwakungumyalelo oqonde ngaqo futhi akusiyo into aMakristu

    okumele ayenze namuhla. Uyabona ukuthi ukulandela izinyathelo ezilula ukuthi kungaholela (ekuchasiseni Imibhalo) futhi okuyosisiza ukuhumusha nokwenza iqiniso leMibhalo ngokuqondile ezimpilweni zethu!

    ISEXWAYISO: Ungazicabangela, "Umsebenzi omningi futhi onzima" uzobe uqinisile! Kunjalo! Kodwa khumbula kufanele sibe ngamadoda nabesifazane. Ngokulunga abahlukanisa izwi leqiniso (2 Thimothewu 2 : 15), elidinga ukusebenza kanzima nokuqondisa izigwegwe. Umfutho esiwufakayo ukwenza ucwaningo olulungile ngeke kube yimizamo emoshekayo.

    Umsebenzi

    Masisebenzise lemigomo ukuthola konke lokhu esingakwenza ngoNkulunkulu 1 Petru 5. Thatha imizuzu engu 10 nethimba lakho bese wenza umbiko.

    1. Wahluphekela thina.

    2. Ungumelusi wethu omkhulu.

    3. Mkhulu.

    4. Nguye yedwa ongasinakekela.

    5. Uyasinakekela.

  6. Qaphela zonke izivumelwano zesiphetho nokwahlukana

Zizolandela umcabango obalulekile zizobe zenziwa ngamagama anjengo ngakho?ke, ngalesosikhathi njalonjalo. Yenza okufanyo ngokwehlukana okuzobe kunaleligama kodwa.

G) Yakha indikimba isihloko ngasinye

Ungafisa ukubeka izindikimba eshadini khona uzokwazi ukuzibheka ngokushesha esikhathini esizayo. International Inductive Bible Study iyithuluzi elithandekayo ongaba nalo ngoba linemikhawulo emihle ebanzi ukuze wenze amanothi kodwa ekugcineni kwesahluko kunendawo yoinikiwe yendikimba.

Isibuyekezo

Ngokushesha asibukeze esikudingayo uma sibheka.

  1. Qala ngomukhuleka

  2. Qaphelisa imibuzo emihlanu. Bheka okungakukhetha

  3. Qaphelisa onke amagama aziqalo nezisho

  4. Yenza uhlu

  5. Notha uqaphelise izinkathi

  6. Notha zonke izinhlaka zesiphetho nokwahlukana

  7. Yakha indikimba isihloko ngasinye

Ukuhumusha Nokwenza

Ukubheka kuziaa ukuthi siqonde kahle ukuthi imibhalo ithini. Ukuhumusha kuthatha isinyathelo sokubheka futhi kusiza ukuthi siqonde incazelo.

Abaningi bethu baya eZwini likaNkulunkulu benemiqondo ecabanga ngophambili nezimfundisa, uma kungesiyo imibhalo, kwenza lufifi esikubonayo. Esikhundleni sokuthi Umbhalo uchaze indlela yithu yokucabanga, singaba necala lokuvumela indlela yethu yokucabanga nokuqonda Umbhalo!

Siwyuhumusha Kanjani Umbhalo Ngendlela Eyiyo?

  1. Sonke isikhathi vumela ingqikithi ibuse

    Kusho ukuthini lokhu? Lokho kusho ukuthi kumele sivumele ingqikithi isize ukubona incazelo yombhalo uqobo esizama ukuwuhumusha. Ukugudlula noma imuphi uMbhalo kwingqikithi yawo lokho kuyoholela ephutheni elikhulu.

    Ingqikithi isho ukuthi lokhu okuhambisana nombhalo. Sidinga ukubheka amavesi asingungile uku:

    Lelo esizama ukulihumusha Incwadileyo esiyifundayo IBhayibheli lilodwa

    Ekufundeni kwethu ngeHermenuthiksi, sifunde ukuthi IBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Ngalokho sinesiqiniseko ayikho inxenye yoMbhalo ephikisa enye. Uma sihumusha izinxenye ezimbili zoMbhalo zishayisana, lokho kungaba sobala ukuthi kungoba asihumushi ngendlela enye noma zombili izinxenye lezi ezibukeka kithi zehlukene.

    Umbuzo okufanele sizibuze wona uma sihumusha noma iyiphi ingxenye yoMbhalo yilena "Ingabe indlela engihumusha ngayo iyahambisana nengqikithi, inhloso, nohlaka lwencadi yonke?"

    Ukungahumusheki kwakhe koMbhalo kugxile endleleni engaqondile yokuhlahlela ingqikithi, kungalesisilapho esifunda khona uMbhalo ngomqondo ocabango phambili lomqondo, uthina "Izaba".

    Izaba ukusho "ukucela uxolo noma ukuzenzisa".

    Khumbula ukuthi inhloso yethu ukuthola ukuthi uMbhali ufisa ukuthini, hhayi lokhu esikucabangayo esingakujobelela kwincazelo yakhe!

  2. Bheka lonke Izwi ukaNkulunkulu

    IBhayibheli liyisivikeli sethu ezimfundisweni ezingeyizo. Ayikho nayinye inxenye yeBhayibheli ephikisa enye. Ngokuzibandakanya kwethu eZwini likaNkulunkulu sizivikela eMfundisweni engalungile! Uma sibona ukuthi inkulu kangakanani ingozi yomfundiso?ze emlandweni wokuqala webandla, nokuthi kukangakani sexwayiswa ngezimfundiso?ze eBhayibhelini, kufanele siqaphele kakhulu futhi siqiniseke ukuthi senza konke okusemandleni ukuthi esikufundiswayo kuyiqiniso!

  3. Ungakhi imfundiso emibhalweni engacacile EMbhalweni

    Nakuba sikhulumile ngalomgomo kuHermenuthiksi, kuyoba ukuhlakanipha kulesisiteji ukubuka emumva kulokhu esikufundile. Khumbula ukuthi imfundiso akumele yakhiwe ezahlukwaneni ezingacacile zoMbhalo. Ngokujwayelekile lezizahlukwana zilukhuni ukuba uziqonde ngisho noma silandele imigomo efanele yokuhumusha. Uzothola ukuthi ayikho imfundiso eyiqiniso encike kuleyongxenye yoMbhalo.

    Ngokwenza ucwaningo, ngokushesha uzobona iMibhalo elukhuni ukuba uyihumushe.

    Akengengeze kuleliphuzu ayikho ingozi uma ubheka iziphawulo uma ungacacelwa. Kodwa khumbula: Yiya kwisiphawulo esaziwayo kuphela EMVA usuwenze wonke umsebenzi wakho!

    Akesibheke isibonelo. Funda 1 Kor 15.29. Uma besizogxilisa imfundiso kulengxenye yoMbhalo, besizoqala ukushumayelo, ukuthi abanye abantu bangabhaphathizwa esikhundleni sezihlopo zabo ezafa ezazingabhaphathizwanga zisaphila. Lena yimfundiso esetshenziswa iMormo Cult. Uma singenaso isiqiniseko esiphelele sokuthi uPawulu wayezama ukuthini lapha, ngisho sesilandele imigomo yokuhumusha siyazi ukuthi ngeke sisebenzise loMbhalo ukwakha imfundiso!

    Ungaba nosikisiki lokwazi ukuthi uPawula wayekhuluma ngani lapha ? kuyinkolelo yami ukuthi wayekhuluma ngokuthile amaPhagani ayekwenza ngalesosikhathi. Qaphela ukuthi usebenzisa itemu "Labo" hhayi "Nina". Siyabona ukuthi amaMormons asebenzisa lombhalo njengokuqonda ngaphambili ngemfundiso yabo eyiphutha.

  4. Humusha uMbhalo ngoQobo

    Uke waqaphela ayikho incwadi yeBhayibheli ephethe lonke iqiniso? Ngiyajabula indlela uNkulunkulu athunge ngayo iqiniso eBhayibhelini. Ngiqinisile ngiyakholwa ukuthi ukwenze lokho ngenhloso.

    Ngumuntu olambile ngempilo ongabheka uMbhalo oyoklonyelwa ngeqiniso elijulile elikhona! UJesu uqobo wathi 'funa uyakufumana.' Kunenjabulo ekhona, uma emva kokufuna sithola ingcebo phakathi emibhalweni.

    Kudingeka siqaphele njalo ukuhumusha uMbhalo uqobo uma kwenzeka. Khumbula ukubheka indlela yokubhala esetshenziswe umbhali. Lokhu kubaluleke kabi. Kuyacaca ngeke sibheke AmaHubo ngalendlela efanayo ngendlela ebesingabheka ngayo imifanekiso! Nakuba imigomo yethu yokuhumusha ingafana, kufanele sibheke okushiwoyo ngokoqobo isitayela esisetshenzisiwe! Isibonelo kuzoba khona izifaniso nezingathekiso emibhalweni enobunkondlo kunasezincwadini zomlando. Bheka iTestamente elisha nelidala. Hlola ukubona yisiphi isitayela umbhali asisebenzile ezincwadini ezahlukene zeBhayibheli. Khumbula ukuthi lokhu kuzothinta indlela ohumusha ngayo uMbhalo. Izincwadi zomlando zeBhayibheli ngeke zisetshenziswe ukwenza imfundiso. Kufanele sibheke lezizincwadi ukuthi zazibhalwe

    ngenhloso yokuqopha umlando! Nakuba zinemigomo esingayisebenzisa ezimpilweni zethu, kufanele zibhekwe ngokukhanya ezazibhalwe ngakho, noma ngale kwalokho ngeke sikwazi ukusho ukuthi siyaqonda ukuthi yini UMBHALI ayezama ukuyisho! Isibonelo esiwumbuzo ukufunda incwadi yeZenzo. Namuhla siyabona amabandla amaningi, imfundiso eyiphutha ethathwe ezincwadini zomlando. Nakuba iZenzo ziqukethe imigomo eminingi enobunkulunkulu kufanele ngeke kube umthombo wethu wemfundiso.

    Ungabheki izincazelo ezicashile. Bheka imfundiso ecacile yoMbhalo. Isibonelo Izaga ziqukethe izisho ezinobuhlakani eziyiqiniso ezimweni zempilo. Kodwa?ke ngeke sithathe Izaga ngendlela efanayo esizothatha ngayo abaprofethi, noma izaga zithinta thina sonke, sonke isikhathi.

    Isibonelo esinye isago, sithi Unkulunkulu uyokwenza isitha somuntu sihlale ngokuthula naye uma ejabulisa uNkulunkulu. Lokhu kungaba yiqiniso kwezinye izimo, kodwa uma singabheka impilo kaJesu nabanye abapostoli, sizobona ukuthi kwakungenjalo SONKE isikhathi! Izitha zikaJesu zazingahleli ngokuthula naye izitha zikaPawula zazingahleli ngokuthula naye! Isaga ngasinye siqukethe iqiniso kodwa hhayi LONKE iqiniso! Kufanele sikhumbule ukuthi isitayela soqobo sencwadi esiyifundayo, izoyithinta kangakanani indlela esenza ngayo umlayezo ezimpilweni zethu.

  5. Bheka incazelo yombhali

Ngaso sonke isikhathi zama ukubheka ukuthi yini umbhali anayo enqondweni uma ubheke ingxenye yoMbhalo oyinikiwe. Ukumaka amagama aziqalo kuyokusiza ukwenza lokhu.

Khumbula ukuthi ukubeka incazelo kwisahlukwana lokhu umbhali obkungesiyo inhloso yakhe, ukuzinika amandla alingana nawombhali. UNkulunkulu UnguMbhali wemibhalo!

  1. Ukufunda amagama kubalulekile

    Sifunde ukuthi ukubheka incazelo yamagama ayimvelaphi esiGireki nesiHeberu esifundweni sethu seHermenuthiksi, ngeke sisagxila esihlokweni njengasekuqaleni. Phindela emanothini akho ukubuyisa ingqondo.

  2. Qathanisa imibhalo

Lokhu kuzokusiza ukuthola umbono ogcwele wokuthi yini efundiswa yiBhayibheli ngokwesihloko osinikiwe. Uzobe usukwenza lokhu ngenkathi wenza uhlu. Khumbula, ukuqaphela ukuhumusha uMbhalo ngokwengqikithi yawo!

Khumbula: Impilo yakho! Uphethe ngesandla ithuluzi uNkulunkulu angalisebenzisa ukuququla impilo yakho ngokuphelele uma ulisebenzisa ngendlela eyiyo! Kuwumvuzo ukufunda, futhi kuwumvuzo ukufunda kahle. Zilawulezinike isikhathi ukuba noNkulunkulu zinike isikhathi esngeziwe uNkulunkulu akucije!

Ukwenza

Akusho lutho ukuthi wazi kangakanani ngoNkulunkulu neZwi lakhe, noma ngabe siyazi ukuthi liqonde ukuthini ? ngaphandle umu senza umlayezo walo ezimpilweni zethu, iMibhalo ngeke isihlomulise! Funda Jakobe 1.22?25 no 2 Tim 3.16?17.

Ukubheka nokubumusha kufaka ukwazi iZwi likaNkulunkulu. Ukwenza kufaka ukulenza uqobo. Ukhiye wokwenza ukuba ukwazi ufunde, wenze ukushiwo uMbhalo, ukulungiso, nemiyalelo empilweni.

Ukufundisa

Elinye igama esingalisebenzisela imfundiso. Uma siqonda okufundiwsa yiZwi likaNkulunkulu, siphoqekile phambi kukaNkulunkulu ukwamukela iqiniso nokuphila ngalo! Uma sibona noma iyiphi inkohliso nemfundiso esingayikolwa, kufanele siba nesiqiniseko sokuqondisa indlela yethu yokuphila. Yikho konke lokhu ukwenza okushiwo umbhalo!

Ukusola

Lokhu kuphathelene nokuthola lapho esicabange khona ngephutha, noma lapho esehluleke ukwenza lokho obekufanele sikwenze ezimpilweni zethu ngokuba nomfutho wokukwenza.

Ukulungisa

Yisitebhu esilandelayo ekwenzeni futhi?ke esilukhuni. Ngasosonke isikhathi siyazi ukuthi yini engalungile ezimpilweni zethu, kodwa simangikanqika ukuthatha izinyathelo ezifanele ukulungisa lokho. Funda 2 EkaPetru 1.3?4

Ukulungisa kuvela ngokuvuma nokushiya lokho okungalungile ezimpilweni zethu. Funda Mathewu 18.15?17

Ukuqeqeshwa ngokulunga

UNkulunkulu usihlomisa ngeMibhalo yakhe ukubhekana nanoma yisiphi isimo!

Kufanele Uzibuze Imibuzo Engu­4Emva Kokuba Ubheke Wahumusha Umbhalo
  1. Yini efundiswa yisahlukwana?

    Ngabe kujwayelekile noma okuthize? Ngabe kusho isikhathi esithile noma abantu abathile? Isibonelo, amaJuda, ayengavunyelwe ukudla izinhlobo ezithile zokudla. Kusobala lokho akusithinti namuhla, ngoba asikho ngaphansi kwalemigubho nale mithetho yokudla.

  2. Ngabe lombhalo uveza iphutha ezinkolweni zami noma ekuziphatheni?

    Ngabe ikhona imilayelo engehluleka ukuyilalela? Ngabe indlela, nokwenza kwami kuyahambisana nokushiwo umbhalo?

  3. Ngabe ithini imiyalelo kaNkulunkulu kimi?

    Kufanele ngenzeni njengengane yakhe, lokho okuthiwa mangikwenze kodwa manje angikwenzi?

  4. Khumbula ukubheka lokhu okulandelayo:

?Ungenzi izinga lesiko, kodwa izinga leBhayibheli.

?Musa ukuzama ukwandisa umbono wakho ngokuhumusha kabi uMbhalo.

?Musa ukuwenza uMbhalo ngaphandle kwalokhu okufanele ngabe ukufundile phambilini!

?Yenza uMbhalo uhumushe uMbhalo!

Uhlelo oluphathele nezincwadi

Miethe, T., Compact Dictionary of Doctrinal Words (Bethany House 1988) New American Standard Bible, International Inducation Study Version

Moriel: Thinthana Nabantu